Home / isiZulu / Umculi weMalaika uthi yena nozakwabo abasathelelani amanzi

Umculi weMalaika uthi yena nozakwabo abasathelelani amanzi

Ekhuluma nabe-TMG Entertainment‚ uTshedi uveze ukuthi iMalaika isamile kancane, uthi wazi kahle kamhlophe ukuthi inkinga yabo ikuphi kodwa kungumsebenzi wenkampani ebaphethe ukuqinisekisa ukuthi iyabahlanganisa nozakwabo acula naye, kubika iTimeslive.

“Mina noBongani asisakhulumisani futhi asidingi nokuba ngabangani. Ngizifunela ukwenza umculo ngivuselele iMalaika.

“Ngiyazi ukuthi uBongane umatasa ngeminye imisebenzi yakhe, kodwa angasenza isikhathi,”kusho lo mculi.

UTshedi ubukeka eqhuba kahle ngakolwakhe uhlangothi njengoba esanda kusungula eyakhe inkampani yokuqopha umculo iLeopard Queen Network‚ okuyiyona ezobe iphethe umsebenzi wakhe njengomculi osebenza yedwa.

Source : izindaba24

!

Check Also

court

Siblings in R139m fraud case need money to pay lawyer

A Queensburgh brother and sister facing 2 500 counts of fraud and one of unlawfully ...